X

Ukucabanga ngokujulile

Iminyaka 2 - 10

uGruffalo

obhalwe ngu Julia Donaldson kanye no Axel Scheffler

igundane elincane lisungula isilwane elizicabangela sona, u-Gruffalo, ukusabisa izilwane elihlangana nazo ukuze zingalidli. Igundane liba novalo olukhulu uma selihlangana ubuso nobuso ne Gruffalo yangempela  kodwa lacabanga ngokushesha labe seliqhamuka necebo ukuzigcina liphephile! Thola ukuthi likwenza kanjani lokhu…

Ukucabanga ngokujulile

Iminyaka 2 - 10

Asike sisebenzise ikhono lokusungula!

Bheka lemisebenzi emihlanu ongayenza ekhaya

Isitephu 1

Udinga ipeni lomsizi, amakhrayoni, iphepha kanye ne rabha.

Isitephu 2

Dweba isilwane sokuzakhela osithandayo nangendlela othanda sibukeke ngayo. (Qiniseka asifani nezilwane ezake zabakhona noma zabonakala).

Isitephu 3

Ngabe sihlala kuphi nendawo? Dweba ukhombise indawo esihlala kuyona. Isibonelo: izihlahla, umgodi, indlu, njalo njalo. 

Isitephu 4

Ngabe sidlani? Dweba ukhombise into noma ngabe eyodwa edliwa isilwane sakho.

Isitephu 5

Qamba isilwane sakho igama. Bhala igama laso phezulu ekuqaleni kwephepha.

Isitephu 6

Sebenzisa imibala ehlukene ukukhombisa izici kumbe amalungu omzimba waso ahlukahlukene, nokutshengisa umehluko phakathi kwaso kanye ne-Gruffalo. Yethula umsebenzi wakho.

Isitephu 1

Nikeza abantwana ipuleti lephepha, marker, opende bemibala eyahlukene, ibrashi lokupenda, isikelo kanye nentambo.

Isitephu 2

Ephepheni lakho sebenzisa i-marker ukudweba imugqa ukwenza inyoka kusukela emsileni kuya ekhanda epuletini lephepha.

Isitephu 3

Sebenzisa umubala owuthandayo ukupenda inyoka yakho bese uyayomisa. Sebenzisa eminye imibala ehlukahlukene ukuhlobisa inyoka yakho.

Isitephu 4

Hamba ngomugqa owudwebile kusukela emsileni kuya ekhanda usike inyoka yakho kodwa qikelela ukuthi awulinqumi ikhanda layo.

Isitephu 5

Ngokucophelela gqobhoza imbobo ekhanda lenyoka yakho ukuze ufake intambo . Lengisa inyoka yakho ngentambo.

Sika Wakhe iSifonyo

download’a ubuye uphrinte iphepha elinesifonyo se’Gruffalo

Isitephu 1

Nikeza abantwana amakhrayoni noma upende, ubuso be-Gruffalo, glu, isikelo, ipuleti lephepha noma ukhalibhothi othambile.

Isitephu 2

Hlobisa ubuso be-Gruffalo bufane nobusencwadini.

Isitephu 3

Namathisela ubuso be-Gruffalo kukhalibhothi noma epuletini lephepha.

Isitephu 4

Sika ubuso beGruffalo uhambe phezulu komugqa ongamacashazi.

Isitephu 5

Sebenzisa isigqobhozi ukuvula imbobo lapho uzofaka khona intamboukwena ubuso be-Gruffalo bugqokeke ekhanda.  

Isitephu 1

Nikeza abantwana amaphepha amabili, ipeni lomsizi noma ipeni la-inki, amacrayoni kanye nesikelo. 

Isitephu 2

Dweba isihloko sencwadi,” The Gruffalo” ephepheni ngezinhlamvu ezinkulu, ezigqamile. Hlobisa uhlamvu ngalunye ngamacrayoni.

Isitephu 3

Abantwana mabasike izinhlamvu zegama ngayinye bese bezibeka ngokwahlukana phambi kwabo.

Isitephu 4

Bhekisisa izinhlamvu zamagama eziphambi kwakho bese uyazixuba ukuze wakhe amagama. Amagama owakhayo wabhale eceleni kwelinye iphepha.

Isitephu 5

Bala ukuthi uthole amagama amangaphi nokuthi ngabe asho ukuthini. Kungabe mangaphi amabizo kanye nezenzo ozitholile?

Isitephu 1

Lomsebenzi ukugqugquzela ukuthi wakhe isibonelo sokuthi ungayicupha kanjani i-Gruffalo. Uzondinga ipeni lomsizi,iphepha,amakhrayoni, irabha Kanye ne marker. Nikeza abantwana lokhu.

Isitephu 2

Cela abantwana ukuba bacabange ukuthi ngabe i-Gruffalo ithanda ukudla ini nokuthi lokho ekudlayo ungakusebenzisa kanjani kube ingxenye kanoxhaka wakho. Abantwana mabadwebe owabo unoxhaka abangawusebenzisa ukubamba iGruffalo.

Isitephu 3

Esithombe sakho dweba ukhombise i-Gruffalo isondela ngakunoxhaka.

Isitephu 4

Dweba i-Gruffalo izama ukubamba noma ukuthatha lokhu oyicuphe ngakho.

Isitephu 5

Dweba i-Gruffalo isibambekile kunoxhaka.

Xoxani ngendaba ndawonye:

  1. Kungani igundane litshela wonke umuntu nge Gruffalo? Futhi kungani wonke umuntu ebaleka uma igundane lisho ukuthi iGruffalo ithanda ukudla ini?
  2. Kungabe lezilwane ezilandelayo zihlala kuphi?
    1. Isikhova
    2. Impungushe
    3. inyoka
  3. Maningi amanga akhulunywa igundane kulendaba, futhi uyaphumelela kodwa wacishwe wabanjwa. Yini ubungozi bokukhuluma amanga?
    1. Ingabe ukhona umuntu owake wakutshela amanga?
    2. Wazizwa kanjani ?
    3. Usuke uwakhulume amanga? Kungani wakhuluma manga?
  4. Igundane isona silwane esingenamandla kulezi ezise ndabeni kodwa Ilona elinqobayo. Ingabe lokhu kuyenzeka nasempilweni?
  5. Ingabe kungcono ukuba namandla noma kungcono ukuhlakanipha? Nikeza isizathu kukona kokubili.
  6. Igundane lisebenzisa imicabango yalo ukuze lisinde kwindawo elihlala kuyona. Ingabe wena imicabango yakho ukusiza kanjani kwindawo ophila kuyona?
  7. Ingabe igundane ne Gruffalo bafana ngani? Yini futhi abahluke ngayo ?