X

Ukuzethemba

Iminyaka 3 to 12

U-Lara Umaqhulwane Ophuzi

ubhalwe ngu Martha Evans, wakhiwa ngu Nadene Kriel, wahlelwa ngu Ester Levinrad, imidwebo yenziwe ngu Catherine Holtzhauser

uLara uzalwa enezimpiko eziphuzi kodwa wonke umndeni wakhe nabangani banezimpiko ezibomvu. Noma wonke umuntu ezithanda izimpiko zika Lara, yena nje ufuna ukuzizwa eyingxenye yabanye futhi efana nabo. Ngesikhathi umama ka-Lara ependa izimpiko zikaLara ziba bomvu ngoba ethi uyamjabulisa, akekho ombonayo ngakho bavele bamzibe. Hlanganyela noLara njengoba efunda isifundo esibalulekile ngokuzamukela ubunjalo bakhe nokubaluleka kokwehluka.

Ukuzethemba

Iminyaka 3 - 12

Asike sisebenzise ikhono lokusungula

Hlola lemisebenzi emihlanu ongayenza ekhaya 

Isitephu 1

Ukwenza lomsebenzi uzodinga amakhrayoni, upende, amaphepha amabili, isikelo, i-glue, i-rabha, nezinto zemvelo (inhlabathi, izintingo, amagobolondo, njll.)

Isitephu 2

Sebenzisa izinsiza ozitholile nokucoshile ukwakha ikhadi.

Isitephu 3

Qedela ikhadi lakho bese uyalethula.

Isitephu 1

Uzodinga amaphepha ambalwa, amakhrayoni noma amapeni emibala, amapeni omsizi, i-marker.

Isitephu 2

Thatha phepha bese uhamba ubheka izinto ezinamaqophelo angafani bese ubeka iphepha phezu kwazo ufake umbala ukuze amaqophelo ezophumela ephepheni.

Isitephu 3

Khetha ikhasi olithandayo encwadini bese uzama ukulakha usebenzisa iphepha elinamaqophelo ahlukahlukene.

Isitephu 4

Qedela ikhasi lakho obese uyalethula.

Isitephu 1

Ukwenza lomsebenzi uzodinga amakhophi amabili omaqhulwane, amakhrayoni, ucezu lakhalibhodi, i-glue, isikelo.

Isitephu 2

Hlobisa amakhasi amabili amaqhulwane ngendlela efanayo.

Isitephu 3

Qedela ukufaka umbala bese unamathelisa iphepha kukhalibhodi.

Isitephu 4

Sika amakhadi bese uwabeka noma ikanjani abheke phansi.

Isitephu 5

Dlala amakhadi akho. Zama ukuthola amakhadi afanayo, dlalani ngokudedelana.

Isitephu 1

Ukwenza lomsebenzi uzodinga amakhrayoni noma amapeni ayimbala, iphepha, ipeni lomsizi (ebantwaneni abadala), i-rabha (uma uthanda).

Isitephu 2

Dweba ubuso bakho ephepheni bese ufaka umbala.

Isitephu 3

Qedela ubuso bakho bese uyabethula.

Isitephu 1

Ukwenza lomsebenzi uzodinga ikhophi le-spinning illusion (inkohliso yokujikeleza) ukhalibhodi, amakhrayoni noma amapeni ayimibala, ipeni lomsizi, imali(R5 noma R2), i-glue, isikelo.

Isitephu 2

Hlobisa isondo ngemibala engafani.

Isitephu 3

Namathelisa isondo lakho kukhalibhodi.

Isitephu 4

Sika indilinga kukhalibhodi.

Isitephu 5

Ngokucophelela yenza imbobo yokufaka imali phakathi nendawo kwindilinga yakho bese uyayifaka.

Isitephu 6

Jikelezisa i-top yakho ukubona yonke imibala ehlukene yenza umbala owodwa omhlophe.

Xoxani ngendaba ndawonye:

Imibuzo ongayibuza abantwana ukubalekelela baqonde kahle indaba:

  • Ingabe abangani baka Lara bayazithanda yini izimpiko zakhe eziphuzi? Sikwazi kanjani lokhu? Ingabe bazichaza kanjani izimpiko zika Lara?
  • Kungabe uLara uyena yedwa umaqhulwane ohlukile esikoleni sakhe?  Ubani omunye unkosazana Maya amuchaza njengohlukile? Ingabe yini ehlukile ngalabomaqhulwane?
  • Ekugcineni kwendaba imiphi imibala uLara acabanga ukupenda izimpiko zakhe ngayo? 
  •  Ubani openda izimpiko zika Lara zibe bomvu?
  • Uhlangana nobani uLara endleleni yakhe eya ekhaya?
  • Ingabe ziwumbala onjani izimpiko zika mama ka Lara?
  • ULara uwususa kanjani upende obomvu ezimpikweni zakhe?
  •  uLara upenda ini ezimpikweni zakhe ekugcineni kwendaba?

Imibuzo ngxoxo ongayibuza abantwana:

  • Incwadi ithi “wonke umuntu wayezithanda izimpiko zikaLara eziphuzi” futhi “esikoleni wayedlala nabangani abaningi”. Uma lokhu kuliqiniso kungani pho uLara engajabulile?
  • Kungani uLara ezizwa ehlukile kunabanye omaqhulwane? Ubonakala efuna ukudela ukwehluka nokubaluleka kwakhe ukuze abe yingxenye yomhlambi. Kungani kubalulekile ukuzizwa uyingxenye yokuthile?
  • Wonke umuntu endabeni ubonakala emthakasela uLara noma kona ehlukile, ingabe nasempilweni kuhlezi kunje? Kungani sibuye sibe nonya/ singabathandi abantu abahlukile?
  • Lendaba ingasisiza kanjani ukucabanga ngabantu abaphiwe? Ingabe sihlezi sibathakasela abantu abayibala elehlukile njengoba umphakathi kaLara wenza?
  • Bonke abantu babona izimpiko zikaLara zizinhle futhi zibalulekile kodwa yena akaboni kanjalo (noma sithi yena akaboni kanjalo ekuqaleni kwendaba). Lendaba ingasisiza kanjani ukucabanga ngesisho esithi ‘utshani bohlezi bukuhlaza ngaphesheya”
  • Isiphi isifundo uLara asifundayo ekupheleni kwendaba? Ukubona kanjani lokhu uLara? Isiphi iseluleko unkosazana Maya asinika uLara esenza ashintshe ukucabanga kwakhe ngezimpiko zakhe ezehlukile?

uLara uthatha isinqumo sokungaphinde apende izimpiko zakhe ngaphandle uma edlala. Kungani uLara ebeka lombandela ngokupenda izimpiko zakhe? Yini umehluko ekufakeni umbala ngoba edlala nangendlela uLara enza nayo ekuqaleni kwendaba? Kungani indaba iphela uLara ependa izimpiko zake zibe nezinkanyezi nothingo? Lokhu kuwuqinisa kanjani umyalezo wokubaluleko kokwehluka?

  • Kungani abantu bengamubingeleli uLara ngesikhathi efika nezimpiko ezipendwe ngokubomvu? Ingabe bazama ukumeyisa? Kungenzeka yini ukuthi abamuboni nje?
  • Umaka Lara uzipendelani zimpiko zika Lara zibe bomvu ? wayecabanga ukuthi kuzokwenzekani kuLara uma esezipendile izimpiko zakhe? Uma ucabanga wenza kahle umakaLara njengomzali? Uma uthi yebo kungani? Uma uthi cha kungani? Wawuzokwenzanjani ukube kuthiwa uLara kwakuyingane yakho?