X

Ukuzwelana, Umbono

Iminyaka 3 - 8

Buya, Kati?

ubhalwe ngu Nicole Rijsdijk, yakhiwa ngu Sam Scarborough, imidwebo yenziwe ngu Karen Lilje

inganekwane ethokozisayo mayelana nekati elizimele! Noma kunjalo leli kati libukeka lingakuthakaseli ukulalela imiyalelo… kodwa libonakala lithakasela kakhulu ukuganga nokwenza okungajwayelekile. Kungani pho livele labuya lalala embhedeni walo ngokujabula? Futhi ikuphi inkukhu?!

Ukuzwelana
Umbono

Iminyaka 3 – 8

Asike sisebenzise ikhono lokusungula

Hlola lemisebenzi emihlanu ongayenza ekhaya

Isitephu 1

Ingane ngayinye idinga igobhozi lethishu, ibhulashi lokupenda, upende, amapeni ayimibala, amakhrayoni, iphepha, i-glue, nesikelo.

Isitephu 2

Penda igobhozi lakho lethishu ngombala osawolintshi (orange) noma omuphi umbala onawo bese uyalilinda lome.

Isitephu 3

Gobisa icala elilodwa phezulu kwigobhozi lakho lakho lethishu, phinda ugobise leli elinye icala elibhekene naleli lokuqala oligobisile ukwenza amadlebe ekati.

Isitephu 4

Sika indawo engaphansi ekugcineni kwegobhozi lakho ubese uyayigobisa ukwenza umsila wekati.

Isitephu 5

Ephepheni dweba izindilinga ezimbili ufake amacashazi amnyama phakathi nendawo iwona azoba amehlo ekati.

Isitephu 6

Ngokucophelela sika amehlo uwanamathisele kwigobhozi lethishu (uma upende wakho sewomile).

Isitephu 7

Sebenzisa amapeni emibala noma amakhrayoni ukudweba imigqa yekati kanye nekhala.

Isitephu 1

Ukwenza lomsebenzi uzodinga ikhophi yochungechunge lokudla, amakhrayoni noma amapeni ayimibala kanye isikelo.

Isitephu 2

Faka umbala kwisithombe sochungechunge lokudla.

Isitephu 3

Sika unamathelise izithombe lapho kufanele zibekhona ngokulandelana kwazo kuchungechunge lokudla.

Isitephu 4

Qedela bese uyawethula umsebenzi wakho.

Isitephu 1

Ukwenza lokhu uzodinga iphepha, amakhrayoni ayikhandlela, upende, ibhulashi lokupenda, ipeni lomsizi nerabha.

Isitephu 2

Dweba ikati bese uyalikhrayona.

Isitephu 3

Sebenzisa amakhrayoni ekhandlela ukufaka imibala ehlukekene kwingemuva lekati lakho.

Isitephu 4

Fohloza iphepha, livule uphinde ulifohloze.

Isitephu 5

Vula iphepha lakho elifohloziwe, lipende lonke ngombala ohlukile wopende oxutshwa namanzi.

Isitephu 6

Linda umsebenzi wakho wome bese uyawethula.

Isitephu 1

Ukwenza lomsebenzi uzodinga ikhophi yekati elishishilizayo, into yokushintsha ukudla umbala, amanzi angango-20 ml, isimunco (straw) esidala noma iphepha eliroliwe laba umbhoshongo kanye nendishi encane/inkomishi/ingilazi.

Isitephu 2

Dweba isakhiwo sekati ephepheni noma usebenzise umfanekiso wekati esiwunikiwe.

Isitephu 3

Hlanganisa amaconsi ambalwa ento yokushitsha ukudla umbala namanzi enkomishini encane ukwenza u-inki.

Isitephu 4

Sebenzisa isimunco (straw) ukubeka iconsi lika inki wakho emdwebeni bese uyaphephetha usebenzisa sona isimunco noma umlomo.

Isitephu 5

Liyeke lome bese uyalethula.

Isitephu 1

Ukwenza lomsebenzi uzodinga iphephandaba/ibhuku, i-glue, iphepha, ipeni lomsizi, peni lomsizi.

Isitephu 2

Dweba izimo ezehlukene ephepheni (isikwele, onxantathu ababili, izindilinga ezimbili, nohlamvu ‘S’ ukwenza umsila) bese uyawahlobisa ngemibala ehlikukene.

Isitephu 3

Sika izimo ezehlukene  bese uyaqala ukunamathelisa ukwakha ikati.

Isitephu 4

Qedela bese uyalethula ikati lakho.

Isitephu 1

Ukwenza lomsebenzi uzodinga iphephandaba/ibhuku, i-glue, iphepha, ipeni lomsizi, peni lomsizi.

Isitephu 2

Dweba ikati ephepheni.

Isitephu 3

Khetha izithombe noma amakhasi ephephandabeni noma kwibhuku bese uyawadabula abe izingcezu ezincane.

Isitephu 4

Namathelisa izingcezu zebhuku/iphephandaba ekatini olidwebile. Sebenzisa imibala ehlukene oyithola ebhukwini/iphephandaba ukwenza ikati lakho.

Xoxani ngendaba ndawonye:

  • Linjani umbala ikati? Usuke walibona kuphi phambilini ?
  • Adlani amakati? Ingabe adla izitshalo, inyama, noma kokubili?
  • Ingabe ikati liyakwazi ukulalela kahle?
  • Uke waba nobunzima ukwenza okutsheliwe? Kungani noma kungani ungakaze?
  • Eziphi ezinye izinto ezenziwa ikati ekungafanele lizenze?
  • Ikati liwasebenzisela ini amadevu alo?
  • Uma ucabanga licabangani ikati ekhasini lokuqala lencwadi?
  • Ingabe leli kati ligangile noma lifuna ukwazi okwenzekayo (noma kokubili) ? isho isizathu/ubufakazi balokhu okushoyo.
  • Iziphi izilwane elihlangane nazo ikati?
  • Lixhumana kanjani ikati nezilwane elihlangana nazo edleleni?
  • Kwenzekani ikati uma libona inkukhu?
  • Kungabe ikale laliwumngane wenkukhu? Kungani usho njalo?
  • Lazizwa kanjani ikati uma selihlangana nenkukhu?
  • Basichitha kuphi isikhathi sabo esiningi?
  • Ekupheleni kwendaba, ikati livela linesisu esikhulu nezimpaphe zindiza emoyeni. Mawucabanga kwenzekeni enkukhwini? Kungani ucabanga kanjalo?
  • Lilala kuphi ikati ekupheleni kwendaba?
  • Lizizwa linjani ikati ekugcineni kwendaba?