X

Ukuzwelana

Iminyaka 3 - 8

u-Goldfish Genius

ubhalwe ngu Sam Wilson, wakhiwa ngu Chenel Ferreira, wahlelwa ngu Ester Levinrad, imibhalo yenziwa ngu Nicole De Klerk

uNeo uthola isipho senhlanzi eyigolide kubaba wakhe. uNeo uyayithanda inhlanzi yakhe yegolide futhi uhlabeka umxhwele ngendlela ehlakaniphe ngayo inhlanzi. Naye uGoldfish uyamthanda uNeo futhi uyakujabulela ukuba naye. Uma uNeo nobaba wakhe bephumela ngaphandle ukuyodlala ibhola uGoldfish uzizwa esele yedwa. Kunokuthi acasuke uGoldfish usungula icebo lokuthi naye akwazi ukuhamba ukuze adlale umdlalo naye. Ngebhadi lokhu akusungulile akucatshangiwe kahle kangangoba kugcina kuba ingozi. Ingabe uNeo uzomtakula noma uzomlahla abe ukudla kwengwane (octopus)? Hlanganyela nathi ukufunda lendaba ejabulisayo ukuthola.

Ukuzwelana

Iminyaka 3 - 8

Asike sisebenzise ikhono lokusungula

Hlola lemisebenzi emihlanu ongayenza ekhaya

Isitephu 1

Ukwenza lomsebenzi uzodinga indishi noma isitsha esinamanzi kanye nezinto ezisindayo nezilula ezitholakala ngaphakathi endlini noma ngaphandle kwimvelo.

Isitephu 2

Cela abantwana bahlole ngokufaka emanzini izinto ezahlukene ukubona ukuthi yini entantayo futhi yini ecwilayo. Abantwana abachaze ukuthi okwenzekayo kwenzeka kanjani futhi uma becabanga kungani kwenzeka ngalendlela okwenzeka ngayo nokuthi izinto zihluke kanjani.

Isitephu 1

Ukwenza lomsebenzi uzodinga ipeni lomsizi, irabha kanye nephepha.

Isitephu 2

Abantwana abakhethe ikhasi abalithandayo encwadini bese bebheka ukuthi lakhiwe kanjani. Nika umntwana ngamunye iphepha nepeni lomsizi ukuze abantwana baqale badwebe isakhiwo sekhasi abalithandayo encwadini.

Isitephu 3

Abantwana abakhrayone ikhasi abalidwebile.

Isitephu 4

Abantwana abethule ukuthi kungani lelikhasi likhethekile kubona.

Isitephu 1

Ukwenza lomsebenzi udinga ikhophi yamaphazili ongakwazi ukuwa-dowload enezingcezu eziyi-12, ucezu lika khalibhodi, isikelo, i-glu kanye namakhrayoni.

Isitephu 2

Phrinta ikhasi lamaphazili anezingcezu eziyi-12 bese ucela abantwana bayihlobise ngemibala egqamile.

Isitephu 3

Namathelisa ikhasi lephazili kukhalibhodi.

Isitephu 4

Siza abantwana ngokusika izingcezu zephazili.

Isitephu 5

Vumela abantwana bazame ukuyihlanganisa iphazili yabo ukwenza isithombe.

Isitephu 1

Ukwenza lomsebenzi uzodinga ikhophi yesondo lemibala ongakwazi ukuli-dowload, ucezu lokhalibhodi, amakhrayoni noma amapeni awumbala, intambo ,i-glu nesikelo.

Isitephu 2

Phrinta ikhophi yesondo lemibala bese uyeka abantwana bafake imibala ngokulandela izitephu ezilandelayo.

Isitephu 3

Sika indilinga usebenzise isikelo bese unamathelisa kukhalibhodi.

Isitephu 4

Sika indilinga iphume kukhalibhodi.

Isitephu 5

Bhoboza izimbobo kulendawo enamacashazi (maphakathi) bese ufaka intambo.

Isitephu 6

Zungezisa uhlamvu lwakho ngokubamba ichopho lokugcina lentambo isandla ngasinye bese ushwiba uhlamvu izikhathi eziningana ukuze izintambo zihlangane. Zibuyisele phakathi uphinde uzikhiphe izintambo kungathi udlala inkosintini ukuze uhlamvu luzungeze ngokushesha. Uma lizungeza ngokushesha kakhulu inkohliso ezokwenziwa imibala izogqama kakhulu.

Isitephu 1

Ukwenza lomsebenzi uzodinga ikhophi yenkohliso yesandla ewu-3D eyikhasi ongakwazi ukuli-dowload, ipeni lomsizi, irabha, iphepha kanye nemakha.

Isitephu 2

Ukwenza lomsebenzi uzodinga ikhophi yenkohliso yesandla ewu-3D eyikhasi ongakwazi ukuli-dowload, ipeni lomsizi, irabha, iphepha kanye nemakha.

Isitephu 3

Landela izitephu ezikephepheni bese udweba olayini abagobile kusuka ezansi kwephepha kuze kuyophuma phezulu.

Isitephu 4

Qedela ikhasi bese niyabuka nixoxe ngobuciko.

Isitephu 1

Ukwenza lomsebenzi uzodinga ukhalibhodi, upende noma amakhrayoni, ipeni lomsizi, i-glu, nezinto zemvelo (izinti,inhlabathi, amatshe, amaqabunga nokunye) ezitholakala ngaphandle.

Isitephu 2

Kucezu lokhalibhodi, cela abantwana ukuthi badwebe inhlanzi. Bangabheka indaba ukuthola amasu, kodwa bagqugquzele ukuthi bangakopeli incwadi ncamashi kodwa bayisebenzisele ukuthola ugqozi lokwenza ngendlela yabo.

Isitephu 3

Khombisa abantwana ukuthi bazisebenzisa kanjani izinto zabo ukukhrayona noma ukupenda inhlanzi yabo.

Isitephu 4

Uma abantwana sebeqedile basize ukusika inhlanzi yabo.

Isitephu 5

Uma sebeqedile ukusika, abantwana banganamathelisa inhlanzi ocezwini olukhulu lukakhalibhodi bese beyihlobisa njengekhaya elingaphansi kwamanzi lenhlanzi ngokusebenzisa izinto zemvelo. Khombisa abangani bakho.

Xoxani ngendaba ndawonye:

  • Laphatheka kanjani ikati ngesikhathi uNeo ejabuliswa inhlanzi esagolide? Uma ucabanga kungani liba   nomona ikati?
  • Ngabe uNeo nobaba wakhe bazama ukukhipha inyumbazane inhlanzi esagolide? Ngabe bamukhipha inyumbazane ngempela? Wake wazizwa sengathi awusiyona ingxenye? Kwenzakalani? Kwakwenza wazizwa kanjani? Wake wamkhiphela omunye umuntu ngaphandle kwanoma ngabe yini? Wawukwenzelani lokho? Ucabanga ukuthi leso isenzo esihle? 
  • Inhlanzi esagolide ihleli endishini yayo futhi ayinayo inkululeko efana nale yabantu noma yekati; kungani lokhu kunzima kwinhlanzi? Ungaphatheka kanjani ukuthola ukuthi kunabantu ohlala nabo abakwazi ukuya nokwenza nona yini abayithandayo wena ungakwazi? Kungakwenza uphatheke kanjani ukuhlala endishini yengilazi kanhlanzi?
  • Kungani uNeo nobaba wakhe bekhathazekile uma bebona inhlanzi esagolide indiza idlula kubona? Inhlanzi esagolide ayibonakali ikhathazekile; uma ucabanga iyabona na ukuthi isengozini?