X

Ukuxhumana

Iminyaka 6 - 12

UNhlambi

ngu Leo Leonni

UNhlanzi umayelana nokukwazi ukumelena nesimo esisha kanye nokufunda ukusebenzisana. Kulendaba, ngesikhathi abantwana belandela Unhlanzi ezijabulisa ngaphansi kolwandle, bazofunda ngokubhekana nokulahlekelwa, umzwangedwa, ukwesaba, ukubaluleka kokucabanga ngobuchule kanye nokusebenzisana!

Ukuxhumana

Iminyaka 6 - 12

Asike sisebenzise ikhono lokusungula

Hlola lemisebenzi emihlanu ongayenza ekhaya

Isitephu 1

Ukwenza lomsebenzi uzodinga ukhalibhodi oqinile(ukhalibhodi wokufaka izinto), peni lomsizi,i-marker isikelo,iphepha elikhulu, upende kanye nebhulashi likapende.

Isitephu 2

Sebenzisa I-marker ukudweba isimo esikhulu senhlanzi sigcwale wonke amacala. 

Isitephu 3

Okulandelayo, dweba inhlanzi encane efanayo nale enkulu oyidwebile  kukhalibhodi.

Isitephu 4

Ngokucophelela sebenzisa isikelo ukusika isimo senhlanzi encane kukhalibhodi.

Isitephu 5

Ngokucophelela, hlukanisa ngokuthi uxebule phakathi  isimo sakho senhlanzi.

Isitephu 6

Penda icala lenhlanzi leli elimazombezombe ngopende owuthandayo. Zama ukuthi ungawufaki kakhulu upende kulecala elimazombezombe ngoba kungadala ukuthi isitembu singabonakali kahle.

Isitephu 7

Ngenkathi usemanzi upende, cindezela inhlanzi yakho oyipendile ngaphangathi kwinhlanzi enkulu oyidwebile. Qhubeka ufake izitembu eziningi ngokuthi ulibe ufaka upende  njalo mawenza isitembu. Yenza ama phethini angafani ayizakhiwo ezingafani.

Ngaphambi kokuthi uqale lomsebenzi, siza abantwana ukuthi baqoqe amaqabunga ayizimo ezahlukene, amagobolondo, nezinye izinto ezihehayo ezakhiwe ngokwehlukile kwezinye ezitholakala kwimvelo.

Isitephu 1

Lokhu uzokudinga ukwenza okuqophiwe ngopende. Ukwenza lomsebenzi uzodinga opende abehlukene, ibrashi lokupenda  amaphepha ambalwa awu A4. 

Isitephu 2

Thatha iphepha uligoqe kaningana ngobunono lilingane, ligoqe kathathu. Licindezele phansi ukuze kuzogqama imigqa yalapho ugoqe khona.

Isitephu 3

Liqaqe lonke iphepha lakho ukuze uzobona imigqa yakho oyakhile.

Isitephu 4

Sebenzisa izinto ozicoshile eziyimvelo uzicobhoze kancane kupende. Qinisekisa ukuthi uzicobhoza ngendlela yokuthi icala elilodwa linopende. Cindezela ephepheni elidala ukususa upende ongadingeki.

Isitephu 5

Cindezela into eyodwa kulezi ozicoshile esikweleni esisodwa ukuze ishiye iqophelo.

Isitephu 6

Qhubeka ucindezele ezinye izinto ngemibala ehlukene kuze kugcwale zonke izikwele ephepheni lakho. 

Phinda lomsebenzi ephepheni elisha ukwenza amaqophelo amaningi owathandayo!

Anemone isihlahla esivamise ukuba nezimbali ezinemibala eqgamile ehehayo

Isitephu 1

ukwenza lomsebenzi uzodinga izinhlobo zopende abehlukene, ibrashi lokupenda, i-glue, iphepha, isikelo, i-marker kanye negobhozi lethishu.

Isitephu 2

Khetha umbala owuthandayo ukupenda igobhozi lethishu.

Isitephu 3

Yiba nobuciko ne-anemone yakho, ufake amaphethini uyihlobise ngopende.

Isitephu 4

Linda upende wome kwi anemone yakho. Dweba amehlo amabili ephepheni bese uyawasika. Sebenzisa i-glue ukunamathelisa amehlo egobhozini lakho lethishu elipendiwe.

Isitephu 5

Ngokucophelela, sebenzisa isikelo ukusika imicu engango 4-5 centimeter ubude  ngezansi kwegobhozi lakho lethishu elipendiwe. Lena ke imilenzana yomngani wakho i-anemone.

Isitephu 1

uzodinga ipuleti lephepha, amaphepha mathathu amhlophe, ucezu lokhalibhodi elinombala, upende, ibhulashi lokupenda, isikelo, i-makha, ipeni lomsizi, irabha, i-glue.

Isitephu 2

Dweba isimo sajeke wenhlanzi epuletini lephepha, lipende ngombala oluhlaza sibhakabhaka njengolwandle. Uma seyomile uyisike.

Isitephu 3

Ephepheni elilodwa dweba isandla sakho.

Isitephu 4

Penda isandla osenze kwisitephu sesithathu ngemibala egqamile oyithandayo kube sengathi inhlanzi oyithandayo. Khumbula ukunika inhlanzi yakho iso nomlomo, usebenzise imakha. Iyeke yome. Sika inhlanzi yakho ngokucophelela.

Isitephu 5

Penda elinye iphepha ngomubala oluhlaza satshani. Ilinde yome. Landela ngokusika isimo sotshani obude basolwandle. Qinisekisa ukuthi utshani bakho abubukhulu kunojeke wenhlanzi yakho.

Isitephu 6

Namathelisa inhlanzi notshani basolwandle obuluhlaza kujeke wenhlanzi ukuze kubukeke sengathi utshani nenhlanzi kungaphakathi kwajeke. Hlanganisa inhlanzi notshani kubukeke sengathi inhlanzi icashe otshanini. Namathelisa ujeke wakho wenhlanzi kukhalibhodi onombala, khombisa umndeni nabangani bakho!

Ngaphambi kokuba uqale lomsebenzi uzodinga ukuqoqa izinto ezinhlobonhlobo ezitholakala kwimvelo ongazisebensiza ukwakha isithombe sangaphansi kolwandle(isibonelo: isihlabathi, amagobolondo, izitshalo ezomile, izinti,izinto ezimile olwandle).

Isitephu 1

Ukwenza lomsebenzi uzophinde udinge ukhalibhodi, opende abehlukene imibala,ibhulashi lokupenda,i-makha,ipeni lomsizi,irabha,i-glue, amaphepha amathathu,Kanye nalokhu kwmvelo okucoshile.

Isitephu 2

Sebenzisa ukhalibhodi ukwenza ingemumva lesithombe sakho kanye nabalingiswa bomdlalo wakho kaNhlanzi. Qala ngokupenda ingemumva ngombala oluhlaza sasibhakabhaka, umbala wolwandle bese uyayiyeka yome.

Isitephu 3

Okulandelayo, ukudweba izinhlobonhlobo zezinhlanzi  njengoba zivela nasencwadini (inhlanzi enkulu emnyama, inhlanzi enkulu ebomvu, inhlanzi encane emnyama). Zipende izinhlanzi zakho ezahlukene bese uziyeke zome.

Isitephu 4

Buyela kwingemumva lakho elibuhlaza njengolwandle bese uthatha isinqumo ukuthi ungathanda ukuwumisa kanjani umdlalo wakho kaNhlanzi wangaphansi kolwandle. Sebenzisa i-glue ukunamathelisa isihlabathi, amagobolondo, izitshalo ngendlela othanda ngayo. Uyeke umsebenzi wakho wome khumbula ukususa isihlabathi esingadingeki noma ongasidingi.

Isitephu 5

Ungadweba, upende ezinye izinhlanzi  ongathanda zibe yingxenye yangemumva lakho.  Phakamisa ingemumva lomdlalo wakho kaNhlanzi  usebenzise izinhlanzi zakho njengabalingisi ukuphinda wenze izindawo ozithandayo encwadini wenzele abangani nomndeni wakho.

Xoxani ngendaba ndawonye:

Emva kokufunda yonke incwadi, buyela ekuqaleni kwencwadi, bhekisisa amakhasi encwadi bese ubuza le mibuzo elandelayo ukuze siqale ingxoxo nabantwana.

Engabe uNhlanzi ukudlulisa kanjani ukufa komndeni wakhe? Yini eyamgqugquzela ukuba aphinde aphumele ngaphandle ayobona umhlaba?

Kungani uNhlanzi ecabanga ukuthi kubalulekile ukuba inhlanzi ebomvu iphume ibone umhlaba

Uyixazulula kanjani uNhlanzi inkinga yokufuna ukudliwa inhlazi enkulu?

Kubaluleke ngani ukusebenzisana ndawonye niyiqembu?

Kungani inhlanzi enkulu yadla umdeni ka Swimmy? (wayelambile kakhulu)

Uma ucabanga uzizwa enjani uNhlanzi ngenhlanzi enkulu? Uma ucabanga udiniwe? Uphatheke kabi? Njalo njalo.

Uma ucabanga uNhlanzi kanye nezinye izinhlanzi ezincane badlani uma belambile?
Eziphi ezinye izinto ezihehayo uNhlanzi ahlangana nazo olwandle? Wake wazibona izinto ezifana nalezi ngaphambilini?

Kungani kusabeka ukuba wedwa? Kungani ngezinye izikhathi siphatheka kabi uma sisodwa? Ngabe uNhlanzi uyayidinga enye inhlanzi ukuze ajabule? Ngobani? (ujabulile eyedwa, futhi ujabule kakhulu uma esenabanye).

Kungani ucabanga ukuthi uNhlanzi wagcine ephindela olwandle emva kokufa komndeni wakhe?
Sicabanga ukuthi: waba nomuzwa wokubuyela emuva. Wayengasenalutho emsalele ngemuva, ngakho wahamba eyozama impilo entsha, kungenzeka ukuthi ikona okwamsiza ukuba azilele umndeni wakhe.

Ukube wawungu Nhlanzi, umndeni wakho udliwa inhlanzi, wawungenze njani? Wawungazizwa unjani?
Ndawonye nabangani bakhe, uNhlanzi wasebenzisa ukuba babukeke bemkhulu kakhulu ngisho nakwinhlanzi esabekayo i-Tuna. Kungabe lokho kusho ukuthi baphephile? Kungabe i-tuna iyona nhlanzi enkulukazi ehlala olwandle? Oshaka bona? Kungabe zikhona ezinye izilwane ezidla ezinye ezihlala olwandle? Uthini ngamahlengethwa (dolphins)? Kungabe adlani wona?

Noma ngabe beyinhlanzi enkulu, ucabanga ukuthi uNhlanzi nabangane bakhe kumele bayenze lento abayenzile?
Engabe ubuhlakani bukanhlanzi benza izinto zibe ngcono kanjani? Ikuphi ongakuzuza ngokuhlakanipha, nangokwazi ukucabanga ngokushesha?
Kubaluleke ngani ukuhlaziya ngomhlaba ohlala kuwona? Qhathanisa uNhlanzi nezinye izinhlanzi, ezihlezi zicabanga ngezinye izinhlanzi azisabayo ezinkulu.

Sicabanga ukuthi: ukucabanga ngokuhlakani kusiza ukuba ukwazi ukwenza izinto kangcono noma ngabe ubhekene nasiphi isimo. Ukuhlala ngokusaba, ngakwelinye icala kukwenza wenze izinto ngendlela ethile noma ngabe isimo sinjani. UNhlanzi, owayengasabi, wakwazi ukuqhamuka nesu, ezazingeke zilicabange ezinye izinhlanzi, ngoba ukusaba akukuniki amacebo amasha kodwa ukucabanga kuyakunika.

Kumgqugquzela kanjani uNhlanzi ukwazi kwakhe ngokusolwandle ukuthi aqhamuke nesu lokusiza ezinye izinhlazi? Kumenza kanjani ukuthi angahlali emvakwetshe, njengenhlanzi ebomvu?