X

Ubuciko

Iminyaka 3 - 8

U-Springloaded

obhalwe ngu Sam Wilson, wakhiwa ngu Chenel Ferreir, wahlelwa ngu Judith Brown, imidwebo yenziwe ngu Nicole De Klerk

Ubaba kaNeo ungumsunguli. Ngesikhathi ubaba kaNeo esungula isigqoko esiyibhanoyi esinophephela wandiza ngaso wahamba, uNeo waba nesithukuthezi, wabe esethatha isinqumo sokuthi asungule okwakhe. Kodwa akusungulile kunamndla kakhulu kangangokuthi ucishe ungena enkingeni. Hlanganyela nathi kulendaba enamandla ukuthola ukuthi uzophuma kanjani kulenkinga nokufunda ngokubaluleka komndeni nokubumbana.

Ubuciko

Iminyaka 3 - 8

Asike sisebenzise ikhono lokusungula

Hlola lemisebenzi emihlanu ongayenza ekhaya

Isitephu 1

Ukwenza lomsebenzi uzodinga ingilazi noma ujeke onamanzi ipeni lomsizi noma uluthi.

Isitephu 2

Faka ipeni noma uluthi kancane emanzini ubheke ukuthi libukeka sengathi ligobile kancane lapho lihlangana khona namanzi.

Isitephu 3

Gcwalisa indishi ngamanzi bese unyakazisa ingalo/isandla emanzini bese ubona ukuthi simelana kanjani namanzi.

Isitephu 4

Chaza ukuthi ipeni noma uluthi libukeka engathi liyagoba uma lisemanzini ngenxa yokuzabalaza kokukhanya emanzini, ipeni silibona ngoba ukukhanya kushaya kubuye epenini kodwa lokho kukhanya kuyehla isivinini uma kusemanzini njengoba isandla senzile; lokwehla kwesivinin kwenza ipeni libukeke engathi ligobile kancane.

Isitephu 5

Okulandelayo: asizame ukwenza uthingo. Ukwenza lomsebenzi uzodinga iphepha, indawo emnyama, ithoshi lefoni (noma eliphi elinye) kanye nengilazi noma ujeke wamanzi.

Isitephu 6

Egumbini elimnyama beka ujeke noma ingilazi enamanzi phezu kwephepha elimhlophe. Khanyisa ithoshi lakho eceleni libheke phansi ngendlela yokuthi ukukhanya kuvele ephepheni. Nyakazisa ithoshi lakho kuma engela angafani uze uthole indawo elungile ubone uthingo luvela ephepheni (qaphela: uthingo lakho lizoba nemigqa eqondile hhayi egobile njengale esiyibona esibhakabhakeni.)

Isitephu 7

Phumela phandle ekukhanyeni kwelanga (usuku olubalele Ilona olusebenza kahle). Hlikihla izandla zakho ngensipho namanzi kuze kwenzeke amagwebu amakhulu.

Isitephu 8

Vula isikhala esincane phakathi kwezandla uphephethe uze ubone amagwebu. Bhekisisa ukubona imibala yothingo.

Isitephu 1

Ukwenza lomsebenzi uzodinga izinhlobonhobo zemfucuza nezinye izinto zokwenza ubuciko njengo: ukhalibhodi,i-glue, i-makha, iphepha, isikelo, upende oyimibala ehlukene kanye nebhulashi lokupenda.

Isitephu 2

Cabangisisa izici kumbe amalungu omzimba i-alien yakho engaba nazo. Izobukeka kanjani? Izodla ini? Uhlobo lwenhlalo ezoba nayo ukuyisiza iphile? Njll.

Isitephu 3

Yakha udwebe indlela ofuna i-alien yakho ibukeke ngayo.

Isitephu 4

Sebenzisa izinto oziqoqile ukudweba, upende bese uhlobisa i-alien yakho.

Isitephu 5

Thula umngani wakho oyi-alien.

Plane Designs

Isitephu 1

Ukwenza lomsebenzi uzodinga uku-download amakhophi amathathu amabhanoyi: Harrier plane, Dart plane kanye ne-Eagle plane. Uzodinga nephepha, ipeni lomsizi, irabha kanye namakhrayoni.

Isitephu 2

Ngokubheka iminyaka yabantwana banike iphepha lebhanoyi elihambisana nemnyaka yabo. Vumela abantwana ukuthi bakhe baphinde bahlobise amabhanoyi abo ngemibala abayithandayo nangamaphethini abawathandayo.

Isitephu 3

Hlobisa ibhanoyi lakho ngamakhrayoni noma amapeni emibala.

Isitephu 4

Uma usulihlobisile ibhanoyi/amabhanoyi akho. Wandizise ubheke ukuthi andiza kanjani uma uwaphonsa emoyeni. Tshela umndeni nabangani bakho ukuthi eliphi ibhanoyi elindiza kahle futhi kungani lona lindiza kahle.

Izithombe

Isitephu 1

Ukwenza lomsebenzi uzodinga uku-download incwadi engamakhasi angu-9 u-Springloaded atholakala kwikhasi lemisebenzi (unga-download lana). Uzophinde udinge amakhrayoni kanye nesikelo.

Isitephu 2

Zama ukukopela amakhasi ngendlela avela ngayo encwadini noma ube nobuciko bese uyawahlobisa ngemibala egqamile namaphethini owathandayo.

Isitephu 3

Sika izithombe zibe amakhadi ehlukeni. Landelanisa amakhadi akho ngendlela eyiyo bese uxoxa eyakho indaba ube uchaza ukuthi kwenzekani ekhadini ngalinye.

Isitephu 1

Ukwenza lomsebenzi amakhrayoni ayimibala ehlukene noma upende, i-rula, igobhozi lethishu.

Isitephu 2

Sika igobolondo lethishu libe ishubu livuleke ngango-7cm. Qhubeka usike ngobude begobhozi. Manje unesinqa sebhengela lakho. Yenza noma amangaphi amabhengela.

Isitephu 3

Hlobisa ibhengela lakho ngama khrayoni noma ngopende, lilinde lome bese uyalifaka. Khombisa amandla eqhawe.

Xoxani ngendaba ndawonye:

“Ubaba kaNeo ungumsunguli. Ngesikhathi ubaba kaNeo esungula isigqoko esiyibhanoyi wandiza ngaso wahamba, uNeo wabe esethatha isinqumo sokuthi asungule okwakhe naye.”

Iba nengxoxo nomtwana umubuze le mibuzo elandelayo. Asikho isidingo sokuthi uyibuze yonke kepha le ngeminye yemibono nje yemibuzo ongayibuza. Ungabuza neyakho imibuzo:

  1. Ngabe kusho ukuthini ukuthi into i-springloaded?
  2. Uma ucabanga usunguleni/wakheni uNeo?
  3. Kungani uNeo esungula into yakhe naye?
  4. Ngabe ubaba kaNeo waba namthelela muni kwisakhiwo sikaNeo?
  5. UNeo ubukeka ebhorekile emva kokuthi ubaba wakhe endizile wahamba. Ngabe ukubhoreka kwakhe kumenza kanjani ukuthi akhombise ubuciko?
  6. Ngabe bubaluleke ngani ubuhlakani (creativity)?
  7. Ubaba kaNeo umshiya yedwa uNeo, uma ucabanga ukwenziswa yini lokho? Ngabe ubezama ukumulahla noma ingoba ematasa(ebhizi) ngezinye izinto edidekile? Kungabe ubefuna uNeo aphatheke kabi? Wake wamuphatha kabi omunye ungaqondile? Wenzani kuyena le eyamphatha kabi?
  8. Isakhiwo sikaNeo sisebenza kahle kakhulu kangangokuthi size sacishe samufaka enkingeni. Ngabe sicishe simfaka kanjani enkingeni?
  9. Ngesikhathi uNeo ebona ukuthi usendizela kude kakhulu, wenzani ukulungisa leyo inkinga? Ubaba wakhe uyamnqaka ngenkathi esewela phansi emhlabeni. Yini ebingenzeka kuNeo ukube ubaba wakhe ubengekho? Ngabe lokhu kusitshelani ngokubaluleka komndeni? 
  10. Ngabe lendaba isisiza kanjani ukuthi sicabange ngoBuntu?
  11. Uma ucabanga kungani ubaba kaNeo akha ezakhe izicathulo ezinama-springs? Uma ucabanga kungani akha nezekati futhi?
  12. Ngabe lokhu akufake ezindololwaneni kuyamugcina ephephile uNeo?
  13. Uma ucabanga ibalulekile isayensi?