X

Ukuzwelana & Umbono

Iminyaka 3 - 8

Liphi ikati?

ubhalwe ngu Sam Wilson, wakhiwa ngu Chenel Ferreira, yahlelwa ngu Louis Greenberg, imidwebo yenziwe ngu Nicole De Klerk

uNeo nobaba wakhe bangabasunguli. Cishe bakwazi ukuxazulula zonke izinkinga… kodwa abalitholi ikati likaNeo!, uNeo ulibheke yonke indawo ikati lakhe kodwa livele lanyamalala nje. Mhlampe lokhu kubangelwe into entsha esungulwe ubaba wakhe. Hlanganyela no-Neo njengoba ehlela ukubuyisela ekhaya umngani wakhe oyigugu.

Ukuzwelana
Umbono

Iminyaka 3 – 8

Asike sisebenzise ikhono lokusungula

Hlola lemisebenzi emihlanu ongayenza ekhaya

Isitephu 1

Ukwenza lomsebenzi uzodinga iphepha, ipeni lomsizi namakhrayoni.

Isitephu 2

Isigaba 2-5 ulungele ibanga 2 no 3. Hlukanisa iphepha lakho elingango A4 kathathu ngokuthi uligoqe, qinisekisa ukuba izikwele ziyalingana.

Isitephu 3

Dweba umdwebo wokuqala esikweleni sokuqala.

Isitephu 4

Esikweleni esilandelayo phinda udwebe umdwebo ofanayo kodwa ubukeke useduzane (zoom).

Isitephu 5

Qedela umdwebo wakho bese uwufaka imibala.

Isitephu 6

Isitephu 6-9 ilungele ibanga 4 kuya kwelesi-5 nangaphezulu. Hlukanisa iphepha lakho elingango-A4 izingxenye eziyisithupha ezilinganayo ngokuthi uligoqe.

Isitephu 7

Qala ekhoneni eliphezulu kwesokunxele ngesithombe esisondele kakhulu.

Isitephu 8

Esikhaleni esilandela esikwesokudla dweba umdwebu ofanayo kepha isigaba sokusondeza sibe kude kancane uma usiqhathanisa nomdebo wokuqala.

Isitephu 9

Qhubeka uhlehlise umdwebo kuze kugcwale izikhala zonke zowu 6 bese uhlobisa umdwebo wakho.

Isitephu 1

Ukwenza lomsebenzi uzodinga igobhozi lethishu, isikelo, iphepha elidala, i-glue, ipeni lomsizi noma ipeni elimnyama Kanye nopende, ibhulashi lokupenda noma amakhrayoni noma amapeni ayimibala.

Isitephu 2

Penda igobhozi lethishu bese uyaliyeka lome.

Isitephu 3

Dweba ephepheni amehlo, amadlebe, ikhala nomlomo, umsila, amadevu, kanye nendilinga ukwenza ikhanda lekati (qinisekisa ukuthi indilinga yakho inkulu ngokwanele ukufaka amehlo, izindlebe, nokunye. umazingeneli qalaphansi udwebe indilinga enkulu).

Isitephu 4

Sika amehlo, izindlebe nokunye.

Isitephu 5

Zifake imibala noma uzipende ngombala ofanayo nalo opende ngawo igobhozi lethishu.

Isitephu 6

Namathelisa amehlo, amadlebe kanye namadevu ekhandeni.

Isitephu 7

Namathelisa ikhanda nomsila egobhozini lakho lethishu.

Isitephu 1

Ukwenza lomsebenzi uzodinga ipeni lomsizi, irabha, amakhrayoni, ikhophi yomsebenzi Yini engekho?

Isitephu 2

Bheka encwadini isithombe esifanayo bese uthola okungekho.

Isitephu 3

Dweba izingxenye ezingekho/ezishodayo.

Isitephu 4

Hlobisa isithombe.

Isitephu 1

Ukwenza lomsebenzi uzodinga iphepha, ipeni lomsizi, i-rabha, amakhrayoni noma amapeni omsizi ayimibala.

Isitephu 2

Dweba isilwane osithandayo noma esifuywayo.

Isitephu 3

Hlobisa umdwebo wakho bese uyawethula.

Isitephu 1

Ukwenza lomsebenzi uzondinga amakhrayoni, ikhophi yokulandelanisa nesikelo.

Isitephu 2

Hlobisa izithombe njengasencwadini.

Isitephu 3

Sika amakhadi bese uwabeka noma ikanjani.

Isitephu 4

Zama ukuwabeka ngendlela alandelana ngayo bese uyabheka ukuthi anakho konke ngendlela.

Kulokhu kuhlola kwamanzi, abantwana bazofunda ukuthi amatshe ayawagudluza amanzi ngokuthi athathe indawo. Ngenxa yokuthi amatshe ayasinda kunamanzi, ayacwila emanzini bese ephusha amanzi aye phuezulu.

Isitephu 1

Ukwenza lo msebenzi uzodinga isigujana sesephuzo sikapulasitiki, ummese, inkomishi yamanzi kanye namatshe amancane atholakala ebaleni.

Isitephu 2

Qala ngokusika ukhiphe umqala wesigubhu sakho ukuze abantwana bezokwazi ukufaka amatshe phakathi.

Isitephu 3

Faka amanzi abe nguhhafu kujeke.

Isitephu 4

Yeka abantwana bafake amatshe bese bebona ukuthi kwenzekani kwizinga lamanzi.

Isitephu 5

Uma abantwana sebefake amatshe anele ukwenza amanzi acishe agcwale esitsheni (uma uwathola kalula amanzi ekhaya ungabadedela abantwana bafake kuze kuchitheke), ima isikhashana bese nikhuluma ngokuthi amatshe ayithatha kanjani indawo lapho bekukhona amanzi, amanzi ayaphoqeka ukuthi agudluke. Buza abantwana ukuthi mabecabanga amatshe amakhulu noma amancane angagudluza amanzi ngokushesha.

Isitephu 1

Ukwenza lomsebenzi  uzodinga inhlabathi/ilahle/umlotha, amanzi, amaphepha amabili, ipeni lomsizi, i-rabha.

Isitephu 2

Hlanganisa amanzi nenhlabathi noma nelahle noma nomlotha ukwenza u-inki.

Isitephu 3

Cwilisa isandla sakho ku-inki bese ucindezela ephepheni. Qinisekisa ukuthi ngesikhathi ucindezela iminwe yakho e-4 ibheke phansi njengezinyawo zekati limile, isithupha sizoba umsila wekati.

Isitephu 4

Dweba ubuso bekati ephepheni bube namehlo, amadlebe, umlomo, ikhala, amadevu.

Isitephu 5

Indawo yesihlakala namathelisa ikhanda lekati elinamadlebe. Ekhoneni eliphezulu esihlakaleni (ekhoneni eliqondene nala kukhona umsila).

Isitephu 6

Qedela bese uyalethula ikati lakho.

Isitephu 1

Ukwenza lomsebenzi uzodinga ikhophi lekhasi lokusebenzela, amakhrayoni kumbe amapeni ayimibalabala kanye nerabha.

Isitephu 2

Dweba izinto ezahlukene ezizofaka indilinga oyinikiwe emdwebweni wakho.

Isitephu 3

Hlobisa umdwebo wakho bese uyawethula.

Isitephu 1

Ukwenza lomsebenzi uzodinga ikhophi yephepha lamaphazili, amakhrayoni, ukhalibhodi, i-glue.

Isitephu 2

Hlobisa iphepha lephazili ifane nencwadi.

Isitephu 3

Namathelisa iphepha elikhrayoniwe kukhalibhodi.

Isitephu 4

Sika izingcezu zephazili bese uzibeka noma ikanjani phambi kwakho. Zama ukuyihlanganisa iphazili .

Isitephu 1

Ukwenza lomsebenzi uzodinga isigubhu esingangamalitha ayi-5 kumbe ama-2, ummese, amanzi akujeke noma endishini kanye nezinto eziyimvelo ezintantayo emanzini.

Isitephu 2

Ngokucophelela, sika isigubhu okhalweni sibe uhhafu usebenzisa ummese. Lekelela abantwana ukufaka izinto abazitholile esigubhini zibe uhhafu.

Isitephu 3

Faka amanzi kancane kancane esitsheni  bese udedela abantwana babheke ukuthi kwenzakalani.

Uma zinto zintanta emanzini zizophusheka ziye phezulu njengoba ziphoqwa amanzi ukuthi zisuke endaweni yazo (ngoba amanzi ayasinda kunezinto ezintantayo ngakho zona ziyagudluzeka njengoba amantshe egudluza amanzi).

Xoxani ngendaba ndawonye:

  • Kungani uNeo ahamba ukuyobheka ikati lakhe? Ngabe lokhu kusifundisani ngobungani kanye nomthwalo (responsibility)?
  • Wenzani uNeo ukuthola ikati lakhe?
  • Ngokuhamba kwesikhathi, walithola kuphi ikati lakhe uNeo?
  • Kungani uNeo azinciphisa?
  • Ngesikhathi uNeo esenciphile, ingadi iba indawo esabekayo kakhulu. Kungani kunjalo?
  • Uma ungena kumshini enciphisanayo bese uya engadini, eyiphi into esabisayo ocabanga ukuthi ungayisaba kakhulu?
  • Kungani ubaba kaNeo emangala uma ebona imoto enkulu ekupheleni kwendaba?
  • Ibuphi ubungozi obukhona ekubeni nomshini onciphisanayo ekhaya lakho?
  • Isho imibala eyahlukene esencwadini bese uyiqondanisa nezinto ezahlukene eziyimvelo.
  • Chaza umehluko phakathi kweqhinga, umlingo, inkohliso kanye nesayensi.
  • U-Arthur C. Clark odumile wathi: “noma ngabe ibuphi ubuchwepheshe obusezingeni eliphezulu buchazeka njengomlingo”. Ngabe uyavumelana naye? Kungabe abantu ababephila eminyakeni eyikhulu eyadlule bacabanga ukuthi iselula iwumlingo?
  • Unaso isilwane esifuywayo? Uma ungenaso, noma uma ungaba naso, kungaba isiphi? Ngobani?
  • Uma ungaba nesilwane esifuywayo emhlabeni kungaba isiphi? Ngobani?
  • Isho imizwa eyahlukene uNeo abanayo ngezikhathi ezahlukene endabeni. Isibonelo, uma ethola ukuthi ikati lakhe lidukile wazizwa kanjani? Wazizwa kanjani ngesikhathi emncane nangesikhathi ebona ishongololo?